Yini udlame lwasekhaya?
Lapho lokho kuziphatha kwalowo muntu okukulimazayo noma okungabangela ukuthi ulimale empilweni yakho, ngokuphepha kwakho noma ngokungaphili kahle.
Uma lezi zinhlobo zokuhlukumezeka zenzeka kuwe noma komunye umuntu omaziyo, ungenza isicelo somyalelo wokuvikelwa.
ukuvimbela umenzi wesikhalazo ohlala noma obehlala endaweni ehlanganyelwe ukuthi angene endaweni yokuhlala ehlanganyelwe noma engxenyeni yendawo ehlanganyelwe yokuhlala noma engxenyeni ethile ebekwe njengengxenye yendawo yokuhlala; noma ukwenza noma yisiphi isenzo esifakwe kumyelelo wenkantolo wokuvikela.
Ngubani ongenza isicelo somyalelo wenkantolo wokuvikelwa?
Noma ngubani umuntu onakekela noma okhathazeka ngempilo yomenzi wesicelo . Abantu abalandelayo bangenza isicelo ngokuvunyelwa ngumkhalazi ngokubhala , ngaphandle kokuba umkhalazi esemncane ngeminyaka, noma engumuntu ongaphilile kahle ngokwengqondo , osahanjelwe yingqondo noma oqulekile , noma uma inkantolo ineliseka, wukuthi lowo muntu akakwazi ukunikezela ngokuvuma kwakhe.
Ukuthola olunye ulwazi, ngena kwi-website yaboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Igama lesiteshi samaphoyisa lapho umkhalazi angabika khona ukwephulwa komyalelo wokuvikelwa okwenziwa isicelo sawo.
esahanjelwe zingqondo noma equlekile umuntu inkantolo eneliseka ngaye ngokuthi lowo muntu akakwazi ukwenza ukuvuma ngokwakhe noma ukunikeza imvume edingekayo.
Qinisekisa ifomu nomabhalane wenkantolo ebese uyifakela.
Lapho ifomu selemukelwe, umabhalane uzothumela isicelo sakho kumantshi ozobeka usuku lokuthi ubuyele enkantolo, ukuze kubonelelwe isicelo sakho.
Umantshi uzolungisa nenothisi ezokwazisa umhlukumezi ngesivikelo senkantolo, kanye nokumazisa ukuthi eze nini enkantolo.
Ngemuba kokuvela ngaphambi kwenkantolo, umantshi anganikeza umyalelo wokuvikelwa.
Umyalelo wokuvikela ungatholakala ngalo lolo suku, kodwa lokhu kuvamise ukwenzeka ngokubonelela nokuncika kwisixaka-xaka sodaba lwakho.
Umyalelo usebenza kuze kufike lapho umuntu ohlukunyeziwe ewukhansela khona.
Uma umhlukumezi efakela i-aphili, umyalelo uyaqhubeka nokusebenza kuze kufike lapho ukhanselwa khona yiNkantolo yama-Aphili.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
